Ikholera yisifo umuntu asithola ngokuphuza amanzi nokudla ukudla okunegciwane lekholera.
Igciwane elibangela ikholera litholakala kwindle yabantu.
Isabalala kanjani ikholera?
Ungawusebenzisi umfula njengendlu yangasese, kodwa sebenzisa indlu yangasese.
Geza izandla zakho emanzini abilayo noma elashiwe emva kokusebenzisa indlu yangasese nangaphambi kokuthinta ukudla.
Ungamsiza kanjani umuntu ovele esenekholera?
Mnikeze amanzi amaningi afakwe ushukela/nosawoti ukuthi awaphuze.
Thatha ilitha eyodwa yamanzi abilisiwe, ufake amathespuni agcwele ngokungaqongile ayi-8 kashukela nohafu wethespuni likasawoti bese ugovuza.
Nikeza ogulayo lenhlanganisela aphuze kancane kancane kaningi kangangoba kungenzeka.
Khumbula, qhubeka nokumnikeza lenhlanganisela kashukela/usawoti umuntu onekholera.
Mphuthumise ngokushesha emtholampilo noma kwindawo yokwelapha ngokushesha okukhulu lowo muntu.
Uma ufuna eminye imininingwane, noma uma ucabanga ukuthi kungenzeka ukuthi unekholera, vakashela umtholampilo, isibhedlela, udokotela noma umsebenzi wezempilo eduze nawe.
